Kutholakale isidumbu sosana sintanta emanzini eGauteng

2016-07-12 19:05

Johannesburg – Kutholakale usana olusanda kuzalwa luntanta emanzini eFlorida Lake, eRoodepoort, ngoLwesibili ntambama, kusho abezimo eziphuthumayo baseGauteng.

Okhulumela i-ER24 uChitra Bodasing uthe abosizo lokuqala bashayelwe amaphoyisa ucingo ngemuva kokubonakala kwengane intanta emanzini.

OLUNYE UDABA: Kutholakale isidumbu sosana kudoti

Abosizo lokuqala bathole le ngane, ezalwe singakafiki isikhathi, igoqwe ngengubo yokulala, kusho uBodasig.

Ibe isihlonzwa njengeshonile khona endaweni yesigameko, esho.

Akucaci kahle ukuthi kwenzakaleni le eholele ekutheni le ngane igcine isilahlwa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...