Kutholakale isidumbu sosana emfuleni eMlazi

2017-10-19 12:30

Durban - Kutholakale isidumbu sengane ngoLwesine ekuseni emfucuzeni esemfuleni eMlazi esigcemeni sakwa-E, eningizimu yeTheku.

Umuntu obezidlulela ubone ilunga lomzimba kudoti ebusesihlabathini eceleni komfula kulandela isiphepho esadala umonakalo omkhulu ngeledlule.

Kulesi siphepho kunomama owalahlekelwa yingane yakhe kade isenkulisa, kuthiwa kulo muzi eyayigadwa kuwo kwangena amanzi le ngane yase iyaguguleka yahamba namanzi.

OLUNYE UDABA: Lifele ukhiye iphoyisa ebelidunwa eXobho

Isidumbu sengane esingakahlonzwa, sitholakale endaweni engamakhilomitha amathathu ukusuka enkulisa okwagcina ukubonakala kuyona u-Okuhle Kweyama.

Ingane yamuka namanzi ngoLwesibili olwedlule kanti amaphoyisa abelokhu eqhubeka nokuyithungatha.

Khonamanjalo, ngoLwesibili kuphinde kwatholakala esinye isidumbu somuntu ebesesiqala ukonakala emfuleni ngaKwaMakhutha.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...