Kutholakale isidumbu ebhuthini yemoto ebisha eGoli

2017-03-14 16:01

Johannesburg - Kutholakale isidumbu sendoda ebhuthini yemoto eNaturena, eningizimu yeGoli, kusho amaphoyisa ngoLwesibili.

"Sithole ucingo oluvela kumuntu ongazange alidalule igama lakhe ngezithuba zabo-03:00 ekuseni ngoMsombuluko, esazisa ngemoto eshayo endaweni.

"Sibe sesiphuthuma endaweni yesigameko, sathola isidumbu phakathi emotweni," kusho uCaptain Mavela Masondo.

OLUNYE UDABA: Uvelile 'owabulala isoka wafihla isidumbu ngemuva kwasofa'

Amaphoyisa athole imoto yohlobo lwe-BMW inesidumbu ebhuthini. Le ndoda ibingashile kakhulu, ibisabonakala.

UMasondo unxusa onolwazi ngesigameko ukuba axhumane namaphoyisa.

Amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C More clouds than sun. Mild. Pta: 9-22°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 7-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...