Kutholakale indoda ishonile esigamekweni sesibili sokudubula kuthelawayeka eGoli

2018-04-19 16:05

Johannesburg - Kutholakale indoda ishonile kuM2 East ngoLwesithathu esigamekweni sesibili sokudubula.

"Amaphoyisa abikelwe ngesigameko sendoda eshonile eceleni komgwaqo. Itholakale iyodwa kanti ibonenxeba lokudutshulwa emzimbeni, isishonile," kusho uMavela Masondo, okhulumela amaphoyisa.

Le ndoda eneminyaka engu-50 ubudala, itholwe isiyisidumbu evenini.

OLUNYE UDABA:Kushone oyedwa kudutshulwa eGoli

UMasondo uthe imbangela yokubulawa kwayo ayikaziwa kanti futhi bekungakaboshwa muntu.

Uthe amaphoyisa awakwazanga ukuchaza ukuthi kungani le ndoda ikhethe ukuma eceleni komgwaqo ngemoto okubonakala sengathi ngeyomsebenzi.

Esigamekweni sokuqala, kushone indoda ngemuva kokudutshulwa amahlandla angu-8 eduzane nasemgwaqeni ochezukela eGlenhove kuM1 ngemuva kwezithuba zabo-17:00 ngoLwesithathu.

 - TimesLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...