Kutholakale indoda idutshuliwe emarobhothini eGoli

2018-04-26 07:41

Johannesburg - Kudutshulwe kwabulawa indoda engaziwa kuHans Schoeman Street eStrijdom Park, eRandburg, izolo ntambama, kubika iRandburg Sun.

Ngokusho kwabazibonele, amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo bathole isidumbu sale ndoda sisemotweni, esihlalweni sikamshayeli. Kuthe uma kuhlolwa imoto yesisulu kwatholakala ukuthi kakwebiwanga lutho.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe indoda yashona phambi kwesitolo ePitoli

Le ndoda ehlonzwe njengeshonile endaweni yesigameko ibinamanxeba amaningi emqwaleni nasesifubeni.

Kuzwakale ukuthi le ndoda idutshulwe ngesikhathi ime emarobhothini ngezithuba zabo-13:25.

Imininingwane ngokushona kwale ndoda ayikaziwa okwamanje.

Isigameko kuyaphenywa ngaso.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...