Kutholakale ezinye izicubu zomzimba lapho kwenzeka khona ingozi yesitimela

2018-01-09 16:01

Johannesburg – Ithimba labaphenyi elisebenza endaweni yesigameko sengozi yangesonto eledlule eyenzeka eFree State phakathi kweloli nesitimela lithole ezinye izicubu zezidumbu zabantu.

Ithimba litshele i-eNCA ukuthi izicubu zabantu zitholakale ngesikhathi kuvundululwa emakhoshini esitimela ashile.

Izicubu zihlanganisa izimbambo nezinye izingxenye zomzimba, kusho izikhulu.

OLUNYE UDABA: Kusale dengwane abangu-160 kusha imijondolo

Izicubu zizoyiswa esiteshini samaphoyisa ukuze kwenziwe ulibofuzo, okuqhubekayo esiteshini samaphoyisa eKroonstad.

Bangu-19 abantu abashone ngoLwesine olwedlule ngesikhathi iloli lishayisa isitimela.

Ezinye zezidumbu ezisemakhazeni azikahlonzwa nakuba selwenziwe ulibofuzo.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...