Kutholakale amathambo omuntu emasimini e-KZN

2017-03-23 11:01

Durban - Kutholakale amathambo omuntu emasimini angaku-R103 eMkondeni, KwaZulu-Natal ngoLwesithathu ntambama, kusho abosizo lokuqala.

"Abosizo lokuqala bakwa-ER24 babizelwe endaweni yesigameko ngesikhathi sekubikelwe neziphathimandla zendawo ngesigameko," kusho uRussel Meiring.

"Abosizo lokuqala bafice abe-Search and Rescue sebewuqalile umsebenzi."

OLUNYE UDABA:Kutholakale amathambo omuntu emzini oseDurban North

Abosizo lokuqala neziphathimandla babe sebesesha indawo ngaphambi kokuthola amathambo omuntu.

UMeiring uthe kukholakala ukuthi la mathambo omuntu atholwe umuntu obelusa izinkomo.

"Ngeshwa, imininingwane yesigameko ibingakaziwa okwamanje kodwa iziphathimandla zendawo seziqalile ukuphenya isigameko."

 - TMG Digital

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...