Kuthiwe ayivalwe inkulisa kulandela izinsolo zokushaywa komfanyana

2017-09-14 16:01

Johannesburg - Owesifazane oneminyaka engu-53 ubudala ongumsunguli wenkulisa iTjiff & Tjaff Daycare Center eLimpopo uvelile eNkantolo yeMantshi yasePhalaborwa ngelokushaya, kubika iLetaba Herald.

U-Eliza Janse van Rensburg ubhekene necala lokushaya ngenhloso yokulizama.

Kusolwa ukuthi lo mnikazi wenkulisa washaya umfana, 3, owayengumfundi kuyo le nkulisa. Lo mfanyana washaywa ngesikhathi esingaziwa walimala kanzima ezinqeni.

OLUNYE UDABA:Udado usolwa 'ngokunukubeza ngokocansi' omunye enkulisa

Umama wengane wabikelwa ngalesi senzo wafika enkulisa wafica ingane yakhe ikhala. Ngesikhathi le ngane ibona unina engena enkulisa yacela ukuhamba naye.

Ngesikhathi eseyibheka ingane yakhe wabona amanxeba ezinqeni nasemzimbeni.

Lo mama wabe esebikela amaphoyisa asePhalaborwa ngodaba, ingane yaphuthunyiswa esibhedlela iMaphuta Malatji iyolashwa.

UVan Rensburg uvele enkantolo ngomhlaka-13 Septhemba wadedelwa ngebheyili ka-R7 000, icala lakhe lahlehliselwa umhlaka-21 Novemba.

"Kwaphuma umyalelo wokuvalwa kwenkulisa," kusho uMongwe.

Ngokusho kukaConstable Elvis Mongwe wamaphoyisa asePhalaborwa, le nkulisa ayibhalisiwe ngaphansi koMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi njengokusho komthetho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...