Kuthiwa ziyawushaya maduze kuKenny Kunene

2016-05-12 18:32

Johannesburg – UKenny Kunene, owaduma ngelikaSushi King, owake waveza ukuthi uthandana nezintombi ezingu-15 ngesikhathi esisodwa, uzobopha ifindo likasofasilahlane.

UKunene usanda kumangaza abantu abaningi ngesikhathi ekhuluma egxeka ama”Blesser” ohlelweni iCheckpoint, ethi le nto eyenziwayo ifana ncamashi nokuqwayiza.

UKunene uthi yena usephumile kulezi zinto.

“Ngahlangana nentombi yami eminyakeni emithathu noma emine yedlule, kanti ngihlela ukuthi sishade ungakapheli lo nyaka.

OLUNYE UDABA: UKenny Kunene usebize abelungu ngezinkawu

“Lo muntu enginaye manje akangithandeli imali yami, wayenqaba uma ngithi ngimenzela izinto. Uzimisele ngokuqeda isikole bese eyasebenza,” kuqhuba uKunene.

U’Sushi King’ ube esexolisa kwabesifazane adlala ngabo kule minyaka eyedlule.

“Ngiyaxolisa kakhulu kulabo engangibakhokhela ukuthi sizibandakanye ocansini. Ngiyabona manje ukuthi ziningi izingane zabantu engaziphendula abaqwayizi,” esho.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...