Kuthiwa uzongenela umbango wesikhundla sobumengameli uNgqongqoshe

2017-04-21 12:31

Cape Town – Njengoba uya ngokushuba umbango wozongena esikhundleni sikaMengameli Jacob Zuma, uNgqongqoshe wezokuhlaliswa koMphakathi, uLindiwe Sisulu, kulindeleke ukuthi afake igama lakhe esiyingini sabagaqele lesi sikhundla.

Ngokusemthethweni, i-ANC ayikuvumeli ukukhankasela lesi sikhundla ngokuvulelekile kodwa uSekela Mengameli, uCyril Ramaphosa, kanye nalowo owayenguSihlalo we-AU Commission, uNkosazana Dlamini-Zuma, kukholakala ukuthi yibona abahamba phambili embangweni walesi sikhundla.

Iphephandaba iSowetan ibike ukuthi igatsha le-ANC e-Eastern Cape limeme uSisulu ukuthi azokwethula inkulumo emcimbini wokuqanjwa kabusha ngokusemthethweni kwaleli gatsha ngoMgqibelo, futhi ‘libhunga” naye ngombango wesikhundla.

OLUNYE UDABA: UZuma ugadle kulabo abangamufuni

Leli phephandaba lithi sekusatshalaliswe izinto ezinobuso bukaSisulu nalapho kubhalwe khona ukuthi "Sisulu17".

USihlalo wegatsha laseMathole, uSiphiwo Venkile, utshele iSowetan ukuthi: “[uSisulu] ngumholi onesipiliyoni osephathe inqwaba yeminyango kahulumeni futhi waya ekudingisweni waphinde waba kwi-MK  [Umkhonto weSizwe, uphiko lombutho wezempi lwe-ANC].

“Lokhu ukwethulwa kwegatsha lethu kodwa asikwazi ukushiya izingxoxo zesikhundla zangoDisemba.”

Kodwa-ke okhulumela uSisulu, uVusi Tshose, utshele leli phephandaba ukuthi lo mcimbi kuzobe kungowokuqanjwa kabusha nje kwegatsha, ngakho uSisulu umenywe njengeLungu leNational Executive Committee (NEC) ye-ANC.

NgoFebhuwari, iMail & Guardian yabika ukuthi abalandeli bakaSisulu bambona njengomuntu okunguyena ofanelwe yilesi sikhundla ngoba bathi unomlando omuhle ongenalo ichashaza futhi akahlangene nobuqembuqembu ngaphakathi ku-ANC. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...