Kuthiwa uthisha utshele abafundi ukuba "ukulobola akusile"

2016-09-01 14:33

Durban – Kuphoxeke abafundi esikoleni samantombazane uQueensburgh Girls’ High eThekwini uthisha ebatshela ukuthi ilobolo alisile.

Lokhu kungokunye okuhlanganisa izimo abafundi ababhekana nazo ezikoleni. Ukuhlukumezeka ngale ndlela kwabafundi kwenza kube nzima ukuba bakujabulele ukuba sesikoleni.

OLUNYE UDABA:Umndeni kaKhaya Mthethwa ufuna kubuyiswe ilobolo - Umbiko

Ngokusho kukaMuzi Mahlambi okhulumela umnyango wezemfundo kwaZulu-Natal uthe abafundi abavumelekile ukudlala imidlalo yesintu, futhi batshela ukuba bagunde izinwele zabo.

Lo mnyango uthi uzothumela iziphathimandla kulesi sikole ukuba ziphenye kabanzi ngalezi zinsolo kanye nokucwasa kwabafundi bebala elinsundu.

thumele iziphathimandla zalo mnyango ukuba zoyohlola lesi simo kanye nalezi zinsolo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...