Kuthiwa ushiye incwadi encane otholwe eshonile emotweni

2017-05-18 07:01

Johannesburg - Indoda okusolwa ukuthi izibulele itholakale endaweni yaseFourways eGoli.

Okhulumela amaphoyisa aseDouglasdale uCaptain Walter Spencer uthe isigameko kukholakala ukuthi ngesomuntu ozibulele, kubika iFourways Review.

"Isidumbu esitholakele ngesendoda esikhulile okuzwakale ukuthi izibulele," kusho uSpencer.

OLUNYE UDABA:Kutholakale isidumbu emotweni ebivutha umlilo

"Le ndoda ivele yanyamalala ngezithuba zabo-21:00 ngomhlaka-15 Mayi, yashiyela inkosikazi yayo incwadi encane. Itholwe ngezithuba zabo-09:00 ekuseni ngomhlaka-16 Meyi."

Ngokombiko otholakale ezinkundleni zokuxhumana, le ndoda itholwe esihlalweni esingemuva emotweni.

"Ibinekhemikhali eyifuthe emotweni ngaphakathi, yazivalela. Amaphoyisa asevule idokodo ngesigameko," kusho uSpencer.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...