Kuthiwa ushayele izihlobo ucingo obulale unkosikazi ngaphambi kokuzibulala

2016-08-30 16:01

Richards Bay - Indoda idubule yabulala unkosikazi wayo oneminyaka engu-44 ubudala ngaphambi kokuba izibulale endaweni yaseKondweni, KwaZulu-Natal.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseRichards Bay uConstable Debbie Ferreira imbangela nokwaholela kulesi sigameko ayikaziwa okwamanje, kubika iZululand Observer.

OLUNYE UDABA: Izithandani zishone zizitika ngocansi

Kukholakala ukuthi le ndoda eneminyaka engu-55 ubudala idubulele umkayo ekamelweni ngoMsombuluko yabe isishayela izihlobo ucingo ukuba ziphuthume endaweni yesigameko ngaphambi kokuba iye kwelinye ikamelo elingaphandle la efike yazibulalela khona.

Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko bafice lezi zithandani zishonile.

UCaptain Ferreira akakwazanga ukuqinisekisa ngeminye imininingwane ngesikhathi sokushicilela, kubika iThe Citizen.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 5-18°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Cool. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-21°C Sunny. Cool. PE: 12-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...