Kuthiwa ugcwele amathafa uthisha ‘ozishuthe elele nomfundi’ eNquthu
2016-08-20 14:03
Johannesburg – Uthisha waKwaZulu-Natal obhekene necala lokudlwengula ingane
yesikole kuthiwa ugcwele izinkalo kulandela ukusabalala kwe-video yakhe ezitika
ngocansi nomfundi.
UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMthandeni Dlungwane uhambele eKucabangeni
High School, eNquthu, ngoLwesine.
Abafundi abayisithupha baphumele obala ngokuthi sebeke badlwengulwa yilo
thisha.
UDlungwane ube esevula icala lokulala nengane engaphansi kweminyaka engu-16
ubudala.
OLUNYE UDABA: Kusuke isidumo kusabalala i-video kathisha elele nomfundi eNquthu
Amaphoyisa asecele usizo lomphakathi ekutheni kuboshwe lo thisha.
Kuthiwa lo thisha kusukela ngo-2012 eyengela abafundi ekotishi abehlala
kulona esikoleni bese eyabadlwengula.
OwoMnyango uKwazi Mthethwa uthe ezinye izisulu ziphakathi kweminyaka engu-14
no-15 ubudala.
Ngokomthetho iSouth African Schools Act othisha abavumelekile ukuba
nobudlwelwano bezocansi nabafundi, akukhathaleki mingakhi iminyaka yabafundi.
- EWN