Kuthiwa ubesethole omunye 'obulale unkosikazi'
2016-04-26 11:32
Durban – Kuthiwa ubeseqalile
ukulobola omunye owesifazane owesilisa oyiphoyisa osolwa ngokudubula unkosikazi
wakhe obengumhlengikazi, kusho umbiko.
UThabisile Doyisa, 46,
wangqoklozwa ngesibhamu engena kwakhe eNapierville, eMgungundlovu, ephuma
emsebenzini.
Ummangalelwa ongumyeni kamufi
uNkosinathi Shangase, 43, uvele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngecala
lokubulala ngoMsombuluko, lase lihlehliselwa umhlaka-4 Meyi.
Kuvela ukuthi uShangase waxabana
nonkosikazi wakhe, wase emdubula phambi kwezingane zabo, maqede wabaleka.
OLUNYE UDABA: Zimkhalele obulale unkosikazi ngenxa yezibindi zenkukhu
Wabe esebuyela emzini wakhe
sekugcwele amaphoyisa, wazinikela, kuqhuba umbiko weSolezwe.
Kuvele ukuthi uShangase ubezama
ukuhlukanisa nonkosikazi wakhe ngoba ubeselobola omunye umuntu wesifazane.
Kuthiwa indaba yengoduso ivele
ngemuva kokudlula emhlabeni kukaDoyisa.
Thola udaba oluphelele
ephephandabeni iSolezwe.
- News 24