Kuthiwa ubelalele umculo ezindlebeni oshayiswe yisitimela

2017-03-06 12:31

Cape Town - Ibhungu ebelilalele umculo ezindlebeni lihamba kujantshi, alizange lisizwe isitimela ngesikhathi siqhamuka.

Umndeni kaJinivan Gordon, 19, waseKraaifontein uthe, ubuhlungu ngokuhanjelwa yilungu lo mndeni ebelondla ekhaya.

UJinivan ubesendleleni ebheke ekhaya ephuma emsebenzini ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi eshayiswa isitimela phakathi kwesiteshi sesitimela sase-Eikefontein nesaseBreckenfell.

OLUNYE UDABA: Kutholakale izidumbu ezingu-6 esigangeni

UJinivan ushonele endaweni yesigameko.

Umama wakhe ongemuhle emoyeni, uNoleen Gordon, ukhala njalo ngoba ubehlezi ethi ufuna ukungcwatshwa ngaphambi kwezingane zakhe.

"Angikholwa ukuthi uhambe emhlabeni ngale ndlela," kusho lo mama wezingane ezinhlanu.

Abaseshi baseBrackenfell baqinisekise ukuthi umufi ubelalele umculo ezindlebeni ngesikhathi eshona.

Okhulumela amaphoyisa aseCaptain FC van Wyk uqinisekise isigameko.

"Kushone ibhungu laseKraaifontein ngemuva kokushayiswa yisitimela kujantshi eBrackenfell," usho njalo.

"Kuzwakale ukuthi ubelalele umculo ezindlebeni ngesikhathi sesigameko, wangasizwa isitimela siza ngesikhathi ehamba kujantshi eduzane nebhuloho e-Okavango. Kuvulwe idokodo ngokufa komuntu."

 - Daily Voice

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...