Kuthiwa obulale izingane wazibulala naye, uzibulale ngenxa yokuphinga komyeni

2016-06-24 16:04

Johannesburg - Abangani bamama osolwa ngokubulala izingane zakhe ngesando ngaphambi kokuziphosa phambi kwemoto bathe akwenzile ukwenziswe ukuphinga komyeni wakhe.

Isidumbu salo wesifazane satholwa emgwaqeni omkhulu uN11 e-Ermelo, eMpumalanga ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: Isalukazi esingumfelokazi sibulawe ngesando emzini waso

UCaptain Carla Prinsloo uthe lo wesifazane ushayiswe yimoto.

"Sibone ukuthi izingane zishaywe emakhanda ngesando ngoba yiso esitholwe eduzane nezidumbu sigcwele igazi. Umyeni usemaphoyiseni uphoswa imibuzo," kusho uPrinsloo.

UPrinsloo uthe kuphenywa icala lokubulala nokubulala ngokungenhloso.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...