Kuthiwa ‘isimumi emphinjeni’ i-Arrows uKhenyeza

2016-02-25 13:30

Durban – Kubikwa ukuthi iphunzile imizamo kaMabhudi “Lion” Khenyeza yokujoyina aMaZulu njengoba kuvela ezithi akasakufuni ukudlalela iGolden Arrows.

UKhenyeza kuthiwa uthe akanandaba nokwehliselwa iholo, inqobo nje uma ezophuma ku-Arrows.

Lo mdlali wajoyina leli qembu laseLamontville walisiza lakhuphukela ku-PSL, kanti manje uthi uzimisele ngokusiza uSuthu.

Umthombo uthi lo mgadli akeneme ngendlela aphethwe ngayo ngabaqeqeshibe-Arrows, njengoba esaqale umdlalo owodwa kule sizini wase efakwa kabili umdlalo usuphakathi.

OLUNYE UDABA: UKhenyeza ufuna i-Arrows imkhulule - Umbiko

Kubikwa ukuthi kunokungaboni ngasolinye phakathi kwalo mdlali nabaqeqeshi oClinton Larsen benoMandla Ncikazi.

Ekhuluma nentatheli yeLANGA eMoses Mabhida Stadium uKhenyeza uthe: “Angiyena umuntu othanda ukukhuluma nezintatheli ngezindaba zami. Konke ngizokudalula ngokuhamba kwesikhathi.”

Omunye umthombo uthe abukho ubulungiswa odabeni lukaKhenyeza ngoba efika bamthembisa izinto ezinkulu, kwaze kwaphuma nelokuthi ngelinye ilanga uyoqeqesha leli qembu.

ULarsen akafunanga ukuphawula, wathi uKhenyeza nguye ozikhethele ukuyodlala eqenjini elisemazingeni aphansi elidlala kuMultiChoice Diski Challenge. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Mostly sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...