Kuthiwa beligula ngengqondo iphoyisa elibulale ababili eGoli

2017-12-07 09:31

eGoli - Iphoyisa elidubule labulala ababili lase lilimaza nabanye ababili ngesibhamu salo somsebenzi kuthiwa belingaphilile kahle.

Osebenza njenge-cleaner emafulethini iGreenfields lapho kwenzeke khona lesi sigameko utshele abephephandaba iThe Star ukuthi leli phoyisa eliyingxenye yophiko lwe-Flying Squad beliphazamisekile ekhanda.

Lokhu kuphazamiseka kwaqala ngo-2014 kanti futhi belithola usizo ngalokhu. Lowesimame okhulume nabamaphepha uthi usola ukuthi beseliyekile ukudla imishanguzo yalo.

"Bengimazi kahle, wangeniswa esibhedlela sikahulumeni ngo-2014 nokuyilapho aqala khona ukudla imishanguzo uma esephuma esibhedlela.

Yize kunjalo uKaputeni Mavela Masondo okhulumela amaphoyisa uthi ngeke bakwazi ukuqinisekisa lezi zinsolo ngoba abukho ubufakazi bamarekhodi okuthi beligula ngengqondo.

UMasondo uthi uphenyo lusaqhubeka kanti alulekwa ngokwengqondo amaphoyisa abekhona ngesikhathi ligadla leli phoyisa.

“Sikholwa wukuthi kuqubuke ingxabano eholele ekutheni leli phoyisa lidubule," kusho yena.

OLUNYE UDABA:Iphoyisa ebelingekho emsebenzini libulale ababili kunengxabano

UZuzile Mahamba, ongunogada kulawa mafulethi uthi leliphoyisa lifike lafuna "uSviji” efuna ukungena ngenkani lapha emafulethini.

UMahamba uthi ulitshele ukuthi akamazi lowo muntu wanqaba ukulivulela leli phoyisa. Lihambe laya kwelinye isango lakhomba unogada ngesibhamu langena ngenkani.

Ngemuva kwemizuzu embalwa kwazwakala owesimame ekhala ngokuthi kuqhuma isibhamu.

Isisulu sesibili saleli phoyisa owesilisa obezama ukulamula ukuze azwe kahle ukuthi licasulwe yini iphoyisa.

Ibhadi lehlele kuyena njengoba ivele lamgwaqa liphindelela ngommese yize esethule.

Leli phoyisa linqotshwe ozakwabo abafike madudula ngenhlamvu ngesikhathi egadla nakubo.

Babili abanye abalimele kulesi sehlakalo kanti amaphoyisa athi amatasa nophenyo kanye nemizamo yokuxhumana nemindeni ethintekayo

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...