Kuthiwa azigqamile kahle izitabane zabesimame kuleli

2017-03-21 15:31

Durban - Izitabane zabesimame zithi luselude uhambo ukuqedwa ukucwaswa kwezitabane. Lokhu kubonakala ngendlela ezamukelwa ngayo emphakathini engafani.

Indlela okwamukelwa ngayo izitabane zesifazane uma iqhathaniswa nezesilisa ibukeka ingefani futhi inokwenzelela kwesinye isikhathi.

Kugqame kakhulu lokhu emikhakheni ethile yemisebenzi efana nezokungcebeleka.

Endimeni yezokungcebeleka kugcwele izitabane zesilisa futhi zigqamile.

Nabesilisa abangezona abazixwayi uma kuqhathaniswa nezesifazazane.

OLUNYE UDABA:Zacishe zabambana 'ngamawashingi' izitabane zodumo eThekwini emcimbini

Usomabhizinisi uTammy Jwara oyisitabane sesifazane uthe likhona igebe phakathi kwabo nabesilisa abayizitabane.

Ngokubuka kwakhe, lokhu kudalwa yizinto eziningi phakathi kwazo okukhona neyokuthi abanye besifazane abayizitabane banokudideka okuthile.

“Lokhu kudideka engikhuluma ngakho kudalwa ngabanye besifazane abangesizona ngempela izitabane kodwa abaphila le mpilo ngenxa yokuhlukumezeka phambilini.

“Baze bathi kunokuhlukumezeka kungcono bazame okwehlukile othandweni,” kusho uTammy.

Ngaso lesi sizathu ubona kungelula nokuthi abantu bayamukele ngokugcwele impilo yesitabane sesifazane.

UTammy uthe noma kunjalo, yena uyaqinisekisa ukuthi akazenzi umnumzane nalapho kungekho sidingo, thola udaba oluphelele kuSolezwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...