Kuthiwa alimfanele ijele obulale isoka

2016-03-09 17:01

Johannesburg -  Abahlaziyi bengqondo bathi alimfanele ijele uSindisiwe Manqele owabulala isoka lakhe uNkululeko “Flabba”Habedi, kubika iDrum.

 “Ngeke kube indawo efanelekile kuyena, kusho udokotela wengqondo uTeboho Seipati Monyamane ngesikhathi ethula ubufakazi enkantolo.

UMonyamane usebonane kathathu noManqele emasontweni ambalwa adlule kanti futhi utshele inkantolo ukuthi uManqele ukhungatheke kakhulu.

OLUNYE UDABA:Ngafundiswa ukuzonda izitabane - Umbulali

Unokukhulu ukwesaba selokhu kwashona isoka lakhe. Akadli kahle futhi uyahluleka nokulala, ubonisa izimpawu zokuba novalo kanti futhi unokuba nobunzima bokuphefumula.

UHabedi washona ngonyaka odlule kuleli sonto egwazwa uManqele kubo e-Alexandra ngemuva kwengxabano abebenayo bebuya ukuyojuxuza.

UManqele akazange alivume icala ngoba ethi bekazivikela. NgoDisemba uMehluleli uSolly Sithole uthe uManqele ubehlosile ukubulala uHabedi futhi ukuvumile lokhu ngesikhathi ephonswa ngemibuzo.

- Move!

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...