Kuthiwa akasahlali ekhaya umfundisi we-Doom

2016-11-25 10:01

Johannesburg - Umfundisi wodumo lwe-Doom, uLethebo Rabalago, 24, usebalekile kubi kanti kusolwa ukuthi usabela impilo yakhe.

URabalago ozakhele udumo ngokusindisa abazalwane bakhe abangaphilile esebeznisa iDoom kuthiwa usehambe efihla ikhanda kubangani bakhe nasezihlotsheni eMathibela, okuyilokishi eliseduzane naseLebowakgomo.

IThe Citizen idalule ukuthi lo mfundisi akasalali ekhaya selokhu uNgqongqoshe wezeMpilo eLimpopo uPhophi Ramathuba athi kufanele ahlolwe isimo sengqondo.

URamathuba wafunga wagomela ngokuthi uzocela incwadi enkantolo ezomnika imvume yokuba athathe lo mfundisi ayohlolwa ngodokotela.

OLUNYE UDABA: UNdlozi uxwayise umfundisi weDoom, "i-EFF iyeza"

Kuthiwa akasalali ekhaya, ugcina ngokufika emini kuphela futhi nezinsuku uyazikhetha.

Umama kaRabalago u-Everista uthe ngoLwesine akekho ekhaya futhi akamazi ukuthi ukuphi.

Lo mama okhubazekile, uqinisekise ukuthi akasilo ilungu lebandla lendodana yakhe iMount Zion General Assembly.

"Angazi ikuphi indodana yami futhi ngiyacela egameni leNkosi, angifune lutho ezongihlanganisa nayo," kusho lo mama.

Ngaphambilini ngoLwesithathu uRabalago uthe uyalelwe ngumfundisi wakhe omkhulu ukuba angaphawuli ngodaba lwe-Doom.

"Sengibonile ukuthi ngizakhele izitha selokhu ngasebenzisa iDoom ukusiza abantu, angisenabangani. Ngisho nabanye abefundisi abangifuni, babona uSathane," kusho uRabalago.

"Ngakho-ke ngeke ngisho lutho...asikhulume kahle uma konke sekudlulile."

Umholi we-African Christian Democratic Party uKenneth Meshoe ugxeke isenzo salo mfundisi, esibiza ngobuSathane.

NgoLwesine uNdunankulu waseLimpopo noSihlalo we-ANC esifundazweni uStanley Mathabatha nabo bagxeke ukwenza kwalo mfundisi.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...