Kuthiwa akalande umklomelo wakhe obambe iLotto

2017-03-03 07:01

Johannesburg - Inkampani okuyiyona eyongamele iLotto, iThuba, isimemezele ukuthi owawina iLotto ngeledlule akazange awulande umklomelo wakhe.

Kuthiwa ithikithi elawina lathengwa esifundazweni iFree State.

Iqhuba ngokuthi lo ngumuntu wesikhombisa ukubamba iLotto Plus kulesiya sifundazwe.

Leli thikithi lathengwa endaweni edayisa utshwala i-RM Bottle Store endaweni yaseHenneman ngemali engango- R15, kanti umnikazi walo wazikhethela yena izinombolo zakhe eziyisithupha eziwinile.

OLUNYE UDABA:Uhluleke nokuzibamba izinyembezi owase-Soweto owine i-Lotto

Lo sozigidi omusha uwine emzuliswaneni wangoFebhruwari 24 ku-2017.

Kuthiwa abantu abawinile banezinsuku ezingu-365 ukuba basondele ngaphambili ngaphambi kokuba amathikithi abo aphelelwe yisikhathi.

AbeThuba bathi imali engaphansi kuka-R2 000 ingalandwa ezitolo lapho okudlalwa khona iLotto.

Imali ephakathi kuka-R2 000 kuya ku-R50 000 ingalandwa ePosini (Post Office), bese kuthi imali eqala ku-R50 000 kuya phezulu kumele ilandwe ngqo emahhovisi eThuba.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Sunny. Cool. Pta: 7-22°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 4-20°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-23°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...