Kuthathwe isinqumo sokuba uZuma ehle esikhundleni ngaphambi kwe-SONA - Umbiko

2018-01-30 13:59

Johannesburg - INational Working Committee (NWC) ye-ANC iyalele izikhulu eziyisithupha eziphezulu zenhlangano ukuba zitshele uMengameli Jacob Zuma ehle esikhundleni, ngokusho kwemithombo ye-News24.

I-NWC ibambe umhlangano wayo okokuqala ngoMsombuluko, kusukela kukhethwe amalungu ayo amasha emasontweni amabili edlule.

I-News24 ithole ukuthi amanye amalungu e-NWC afuna uZuma ehle esikhundleni ngaphambi kweNkulumo yeSizwe (SONA), ezokwethulwa emasontweni amabili ezayo.

Izikhulu kulindeleke zibe nomhlangano noZuma lingakapheli isonto ukuze zimazise ngesinqumo senhlangano.

OLUNYE UDABA: Sihoxisiwe isicelo sokuba ichithwe imiphumela yengqungquthela ye-ANC

"I-NWC ithathe isinqumo sokuba izikhulu kumele zimtshele ukuthi ekesule esikhundleni futhi ifuna ukuqinisekisa ukuthi lokhu kwenzeka ngaphambi kwe-SONA,” kusho ilungu le-NWC litshela i-News24.

Omunye umthombo uthi kunesiphakamiso futhi sokuba kubizwe umhlangano ophuthumayo wesigungu esiphezulu (NEC) se-ANC uma izikhulu zehluleka ukuqonda uZuma zimtshele ukuthi akehle esikhundleni.

Ngempelasonto, uNobhala Jikelele we-ANC u-Ace Magashule, ekhuluma emcimbini we-ANC Youth League KwaZulu-Natal, uthe asikho isinqumo esesithathiwe sokuba uZuma esule esikhundleni.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Tstorms early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...