Kusuke uthuthuva ebandleni ngenxa yomnikelo

2017-01-15 19:00

eMlaza - Kusuke umsindo ebandleni i-St Augustine Anglican Church eMlaza kubangwa imali okuthiwa inikelwe usomabhizinisi uPatrice Motsepe.

Elinye lamalungu aleli bandla lihlebele abephephandaba iSOLEZWE ukuthi kunemali engango-R150 000 enikelwe ilo somabhizinisi ngokwenhlangano yakhe iMotsepe Foundation.

 Kuthiwa le mali inikelwe esikhwameni esisiza abadala bebandla ukuba bazithengele imishini yokuthunga ukuze bakwazi ukuzithuthukisa nokuxosha ikati eziko.

Lesi sikhwama sibuye sisetshenziselwe ukulekelela labo abadla imbuya ngothi.

OLUNYE UDABA:Hlukanani nezindaba zepolitiki, sithandazeleni - UZuma etshela ibandla

“Ithe ingafika le mali, kwase kugxambukela amagosa ebandla angahlangene nayo athi kumele icazwe kathathu. Lawa magosa asefuna ukuyidla ngoba phela le mali ayihlangene nemali yesonto,” kusho lo mthombo.

Kuthiwa sekuhlala kubanjwe imihlangano eshubile kuleli bandla selokhu kwakhena le mali kwi-akhawunti yalesi sikhwama.

UMfundisi ophethe kuleli bandla uThembinkosi Joseph Gumede ugxeke kabi amalungu aleli bandla asekhiphele abezindaba loludaba wathi ngeke aphawule ngokuthi ikhona na noma ayikho le mali.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...