Kusolwa umufi ngokubulawa kwezingane ngocelemba

2018-02-12 19:20

Durban – Izingane ezimbili - ezineminyaka emibili nemithathu ubudala – zigencwe zabulawa ‘ngumalume wazo’ eBhobhoyi ePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.

Owesilisa ushonile ngokuhamba kwesikhathi ngemuva kokushayiswa yiloli.

Ugogo wezingane naye uthole ukulimala kulesi sigameko esenzeke ngeSonto ekuseni, kusho uLieutenant-Colonel Thulani Zwane.

Izinane ezimbili kanye nogogo wazo bebelele embhedeni owodwa ngesikhathi behlaselwa ngocelemba.

Kuvulwe amacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa ePort Shepstone, kusho uZwane.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe namaphoyisa kuhlasela abakwasidlodlo

"Isisulu sesithathu sithole ukulimala, sayiswa esibhedlela nokuyilapho selashwa khona,” esho.

Imibiko yabezindaba ithi abazali bezingane bebengekho ngesikhathi sesigameko.

UZwane uthi umsolwa, okukholakala ukuthi uyingane yowesifazane osekhululile, ushonile ngemuva kokubaleka endaweni yesigameko.

"Kuthiwa umsolwa ubalekile endaweni yesigameko kanti uzoshayiswa yiloli ngokuhamba kwesikhathi ku-N2,” esho.

UZwane uthe okwamanje akucaci ukuthi umsolwa uziphose phambi kweloli yini, kodwa kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...