Kusolwa onogada baMpisane ngokushaya umshayeli we-Uber

2016-11-17 09:58

Durban - Isale ishaqekile indoda eneminyaka engu-26 ubudala yaseThekwini ngemuva kokuhlaselwa esigamekweni esenzeke emgwaqeni okusolwa kuso onogada basomabhizinisi waseThekwini uSibusiso Mpisane.

Ivideo yesigameko itshengisa amadoda amabili abeswenke econsa ebelethe izibhamu enqulwini ekhwelela umshayeli wemoto yohlobo lwe-Toyota emhlophe ngesibhaxu.

OLUNYE UDABA: Ivideo: Kulwe abashayeli eGoli

Isigameko senzeke ngoMsombuluko kuMhlanga Rocks Drive.

Imoto ebihamba la madoda amabili yohlobo lwe-BMW X5 ibine-number plate ebhaliswe ngaphansi kwegama likaMpisana.

Abephephandaba iThe Mercury izame ukuxhumana noSibusiso Mpisane yaze yathumelela nemiqhafazo.

Ngesikhathi kuthintwa inkosikazi kaMpisane uShauwn kuphendule umsizi wayo ocele ukuba imibuzo ithunyelelwe nge-e-email kodwa yangaphendulwa khona kunjalo.

USibusiso Mpisane ube eseshayela ucingo iThe Mercury  ngoLwesithathu ebusuku wathi uyaqala ukuzwa ngesigameko.

UMpisane ube eseqinisekisa ukuthi imoto ibhaliswe ngegama lakhe.

"Angihambisani nodlame lwasemgwaqeni kanye nalabo abashayela budedengu. Ngizophenya ngesigameko kanti uma abasebenzi bami betholakala benecala bazoqondiswa izigwegwe," kusho uMpisane.

UMpisane ucele ukuba isisulu sibikele iziphathimandla ngesigameko.

Isisulu esingumshayeli we-Uber(imeter taxi) sithe sizovula icala esiteshini samaphoyisa aseDurban North.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-16°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Partly cloudy. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...