Kusolwa umjovo iDepo-Provera ngokwandisa amathuba okusuleleka nge-HIV

2018-01-10 16:00

eGoli - Ziyaqina izinsolo zokuthi umjovo wokuhlela umndeni, iDepo-Provera, wandisa amathuba okusuleleka nge-HIV.

Lokhu kuyakhathaza ngoba baningi abantu besimame abathola lo mjovo othathwa njalo ngemuva kwezinyanga ezintathu emitholampilo kahulumeni.

Ucwaningo olwenziwa yizinhlangano ezahlukahlukene aluvezi isiqiniseko sokuthi lo mjovo uphephile kwabesimame abafuna ukugwema ukukhulelwa ukuba bangalitholi igciwane lesandulela ngculazi, kubika iSowetan.

Yize kunjalo inkampani ekhiqiza iDepo-Provera,  nokuyinkampani yakwa-Pfizer‚ iyawaphika amahlebezi okuthi isidakamizwa esesitshenziswe ukukhiqiza lo mjovo kasiphephile.

Lo mjovo uthakwe ngesidakamizwa esaziwa ngokuthi yi-medroxyprogesterone acetate (MPA).

OLUNYE UDABA: Isebenza kahle imishanguzo yamadoda enqanda ukukhulelisa

Kuthiwa lesi sidakamizwa sidala u-40% wamathuba okuthi labo abasebenzisa lo mjovo bathole i-HIV.

Lokhu kuvele ngesikhathi kwenziwa ucwaningo ngalo mjovo kanye nalowo owaziwa ngokuthi yi-NET-EN wona uthathwa njalo ngemuva kwezinyanga ezimbili.

I-NET-EN yona kayizange ibonakalise ubungozi bokuvuleleka kwamathuba okuthola kalula igciwaNe i-HIV.

AbeWorld Health Organisation bathi imiphumela yocwaningo olwenziwe nge-MPA iyahluka nokwenza kube nzima ukuqondisisa ukuphepha kwayo kanye nomthelela wayo empilweni yomuntu.

Lokhu yikona okwenze uJanet Hapgood osebenza njenge-molecular endocrinologist enyuvesi yaseKapa kanye nabacwaningi ababili abangososayensi baphenyisisa ngelesi sidakamizwa.

"Ubufakazi bobungozi be-MPA buyanda," kusho uHapgood‚ osesebenze iminyaka engu-20 efunda ngokwenziwa yilesi sidakamizwa kumasosha omzimba.

Ucwaningo lwakhe lushicilelwe kusomqulu i-Endocrine Reviews.

"Ucwaningo lwethu lwenziwe ukuze kuhlaziywe ubufakazi bezempilo nokutholakale ukuthi i-medroxyprogesterone yandisa amathuba okuthola igciwane i-HIV," kuqhubeka yena.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...