Kushone usana ngemuva kokuhilwa yigesi ilele

2017-07-08 11:03

Mahikeng – Kushone ingane enezinyanga ezingu-14 izelwe kulandela isigameko okusolakala ukuthi ihilwe kuso yigesi isekhaya layo eKlerksdorp,kusho i-ER24 ngesitatimende.

Lolu sana nabazali balo, nabo abayihogelile le gesi, kuthiwa batholwe yisihlobo ngoLwesihlanu ekuseni. Abazali bebengasaphefumuli kanti batholwe endlini abebelele kuyo, kufundeka isitatimende.

Okhulumela abakwa-ER24, u-Annine Siddal, utshele iNews24 ukuthi bekungekho okungenziwa ukusindisa usana lwase luhlonzwa njengolushonile khona endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA: Zishe nomjondolo izingane ezimbili kuqhuma igesi

“Abazali bengane bona babe sebethola usizo ngaphambi kokudluliselwa esibhedlela,” kusho uSiddal.

Uthe kulo muzi kutholakale igesi le esetshenziselwa ukupheka, nokuyiyo edale lo monakalo.

Iziphathimandla zendawo ziyaphenya ngalesi sehlakalo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...