Kushone umshayeli kwalimala abathathu engozini eyenzeke eBluff

2017-05-05 11:04

Durban - Kushone owesilisa kwalimala kabi abantu abathathu ngesikhathi imoto encane ishayisana neloli.

Le ngozi yenzeke emgwaqeni u-Edwin Swales Drive noChalmers Road eBluff ngoLwesihlanu ekuseni.

AbeRescue Care paramedics bafike kule ndawo bathola umshayeli wemoto evaleleke ngaphakathi emotweni.

OLUNYE UDABA:Ingozi yemoto ishiye kuvalwe ngehlahla emndenini e-KZN

Lo mshayeli okukholakala ukuthi useminyakeni yo-20 ubudala ukhishwe kule moto sekusetshenziswa udlawu olukhulu lokulula imoto.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi iRising Sun Chatsworth abathathu abalimele balashelwe kule ndawo ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.

The vehicle which was involved in the collision.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...