Kushone umshayeli isithuthuthu sishayisa udonga

2016-05-21 08:47

Durban – Kushone umshayeli wesithuthuthu ngoMgqibelo ekuseni ngemuva kokuba isithuthuthu sakhe sishayise udonga, kusho abosizo lokuqala.

Isehlakalo senzeke kuStanger Street ngaseDurban Central Police Station ngezithuba zabo-02:00, kusho okhulumela iRescueCare, uGarrith Jamieson.

Funda nalolu daba: Usehlala nabaqwayizi obegane indoda eshumayela emgwaqeni

“Abosizo lokuqala beRescue Care bafike endaweni yesehlakalo bathola isisulu silimele kabi emgwaqeni. Basinike usizo lokuqala ngokushesha, kodwa besilimele kakhulu, samelwa nayinhliziyo.”

“Abosizo lokuqala bazame imizuzu elinganiselwa kwengu-30 ukuhlenga isisulu kodwa ngeshwa sashonela khona lapho endaweni yesehlakalo.”

UJamieson uthe amaphoyisa abesendaweni yesehlakalo ukuphenya ngengozi.

 "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...