Kushone umfundi owayesinde engozini eyenzeka eNtuzuma

2017-01-24 13:00

Durban – Kugcine kumenele esibhedlela umfundi owalimala kabi engozini ebandakanya itekisi kanye nebhasi eyenzeka emasontweni amabili edlule, kusho uMnyango wezeMfundo  KwaZulu-Natal ngoLwesibili.

Ukuvulwa kwezikole kwabamuncu ngesikhathi kushona abafundi abane endaweni yesehlakalo.

Kukholakala ukuthi ibhasi langqubuzana netekisi eyayithwele izingane zesikole.

Itekisi yashayeka yahlukana phakathi, yayophendukela eceleni yomgwaqo.

OLUNYE UDABA: Uzobe eyisiwula uZuma uma engaxosha uGordhan - Save SA

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMuzi Mahlambi, uthe umfundi wakamuva oshonile ungowaseSivananda High School.

"Lo mfundi ngeshwa ushone ngemuva kokuchitha izinsuku ezingu-12 esibhedlela. Umfundi obengomunye walabo abasinda engozini yetekisi nebhasi eyadlula nemiphefumulo yabafundi abane ngoJanuwari 11 eNtuzuma,” usho kanje.

Igama lomfundi alidalulwanga.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Mostly sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-20°C a few showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...