Kushone umfundi ngemuva kokuhlaselwa ukugula okungaziwa - E Cape

2017-02-17 07:30

Johannesburg - Kushone umfundi endaweni yaseMqanduli, e-Eastern Cape, kwathi abanye abafundi abangamantombazane bangeniswe esibhedlela ngemuva kokuhlaselwa yisifo esingaziwa, esenze babonakala kungathi bagcwele ukwethuka, ngoLwesine ekuseni.

Ngokusho kokhulumela uMnyango wezeMpilo uSizwe Kupelo‚ abafundi baseBhekizizwe High School kube sengathi baphethwe yimfiva abanye benza izinto ezingajwayelekile, kanti abanye bebehayiza.

UKupelo uthe amantombazane aphuthunyiswe ezibhedlela ngenxa yalokhu kugula okuyinsambatheka.

Oyedwa ushone besanda kufika esikhungweni sezempilo eNgcwanguba.

OLUNYE UDABA: Abanye futhi onogada abakhala ngokungakhokhelwa eKZN

“Intombazane, okuthiwa ineminyaka engu-15 ubudala, ishone ngezithuba zabo-08:00 ekuseni.”

Ngokusho kukaKupelo‚ akukhona okokuqala kubikwa ngesigameko esifuze lesi esifundazweni.

Uthe lento ivamile ukwenzeka endaweni eyayaziwa ngeTranskei. “Ngokuvamile yenzeka ngezikhathi zaboJulayi,” usho kanje.

Uthe balindele ukuba kubekhona nabanye abangeniswa esibhedlela ngenxa yokugula okufanayo.

- SowetanLive

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Drizzle. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...