Kushone umfundi kamatikuletsheni nomndeni wakhe engozini eyobhalisa enyuvesi

2018-01-12 16:02

Ladysmith - Izindaba zokushona kwentombazane, 18, ebiyenza umatikuletsheni wayo esikoleni iLadysmith High (LHS) engozini yemoto zithuse inqwab yabantu ezinkundleni zokuxhumana.

UZilingene Mazibuko, 18, wayehamba nomfowabo, umama wakhe nomngani wakhe abefuna naye esikoleni, uBabongile Miya, ngesikhathi behlelwa yilo mshophi. Babandakanyeke engozini eyenzeke endaweni eseBloemfontein.

Bekwazeka ukuthi lo mndeni nomngani walo mfundi bebeya enyuvesi eseBloemfontein beyobhalisela ukufunda kwaZilingene noBabongile.

OLUNYE UDABA:Ingozi yemoto ishiye kuvalwe ngehlahla emndenini e-KZN

La mantombazane womabili abenza umatikuletsheni eLHS ngonyaka odlule.

Imbangela yesigameko ayikaziwa okwamanje. UZilingene nomfowabo bahlonzwe njengabashonile khona endaweni yesigameko, umama wabo ushonele esibhedlela.

Okwamanje, uBabongile usasesibhedlela ulashelwa amanxeba akhe.

Abesikole babuhlungu ngokudlula kwaZilingene kanye namalungu omndeni wakhe amabili, abe esefisela uBabongile ukulumala okusheshayo.

Abephephandaba iLadysmith Gazette bafisele uBabongile ukulimala okusheshayo bathi dudu emndenini wakwaMazibuko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...