Kushone umfundi enyuvesi, kwaboshwa uzakwabo

2016-12-02 11:31

Johannesburg - ITshwane University of Technology isikuqinisekisile ukuthi kutholakale omunye wabafundi eshonile lapho kuhlala khona abafundi.

Kukholakala ukuthi umfundi ubulawe uzakwabo ngemuva kwengxabano ngoLwesine ebusuku.

Inyuvesi ithi izokhipha eminye imininingwane ngokuhamba kwesikhathi.

OLUNYE UDABA: Kudutshule kwabulawa unogada eGoli

Okhulumela inyuvesi uWilla de Ruyter uthi badumele ngalesi sehlakalo.

“ITshwane University of Technology idumele ngokushona komfundi. Imininingwane ngokufa kwakhe ibingakacaci okwamanje. Isitatimende sizolandela ngokuhamba kosuku.”

Umsolwa uboshelelwe endaweni yesehlakalo.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...