Kushone umfana, 10, odutshulwe ekubo

2016-01-27 14:30

Cape Town – Kubulawe umfana, 10, kwathi ubaba wakhe nenye indoda balimala ngesikhathi kudutshulwa emzini oseParkwood, kusho amaphoyisa aseWestern Cape ngoLwesithathu.

Umfana udubuleke emhlane, ubaba wakhe engalweni, kwathi le enye indoda yalimala engalweni nasezinqeni kulesi sigameko esenzeke ngabo-21:00 ngoLwesibili, kusho uCaptain FC van Wyk.

Omakhelwane babe sebebaphuthumisa esibhedlela, umfana washonela khona.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa amadoda amabili eThekwini

Kube sekuboshwa owesilisa, 24, ngemuva kwalesi sehlakalo, kwathi omunye umsolwa, 18, zamkhalela ekuseni ngoLwesithathu.

Bazovela eNkantolo yeMantshi yaseWynberg ngoLwesihlanu ngecala lokubulala nokuzama ukubulala.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...