Kushone oyedwa kwalimala omunye engozini, eThekwini

2017-08-12 10:00

Durban - Kushone owesifazane kwalimala kanzima owesilisa ngesikhathi beshayiswa yitekisi bewela endaweni okuwelwa kuyo kuSmith Street, ngaphambi kukaField Street eThekwini ngoLwesihlanu ebusuku, kusho abosizo lokuqala.

Abosizo lokuqala iRescue Care bafike endaweni yeisgameko bafica indoda ebalelwa emnyakeni eko-30 ubudla nowesifazane oneminyaka ebalelwa kweko-20 ubudala beshayiswe yitekisi , kusho uCeron Lennox okhulumela iRescue Care.

OLUNYE UDABA:Ushayiswe yimoto washona umfundi eSiphingo

Zombili izisulu zixilongwe endaweni yesigameko kodwa ngeshwa lo wesifazane washonela khona lapho kwathi lo wesilisa waphuthunyiswa esibhedlela esiseduzane eyoqhutshekwa nokwelashwa.

Imbangela yesigameko ayikaziwa kodwa amaphoyisa ayaphenya, kusho uLennox.

– African News Agency (ANA)

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...