Kushone oyedwa kwalimala abahlanu kushaya umbani esitolo

2017-02-03 07:31

Durban – Kushone umuntu oyedwa kwalimala abahlanu ngesikhathi kushaya umbani esitoli esiseWartburg, KwaZulu-Natal.

Ngokusho kukaRussel Meiring okhulumela abezimo eziphuthumayo, bafike kule ndawo bathola abantu abahlanu behleli ngaphansi kwesihlahla.

Laba bantu bebezungezwe ngamalungu omphakathi abebezama ukubalekelela kulandela ukugadla kombani.

OLUNYE UDABA:Kushone izelamani kushaya umbani kwaMakhathini

“Oyedwa wala madoda obebukeka eseminyakeni eko-20 ubudala utholakale elimelele kakhulu futhi kubonakala ukuthi useshonile," kusho uMeiring.

Laba abahlanu abalimele bahlengelwe kule ndawo.

“Uyedwa owesilisa ophuthunyiswe esibhedlela ngabosizo lokuqala, kanti laba abanye bakhethe ukuzenzela ezabo izinhlelo ezizobahambisa esibhedlela.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...