Kushone oyedwa, kwalimala 3 kudutshulwa esikoleni

2017-09-14 10:59

Rockford — Izikhulu zithi kushone umuntu oyedwa, kwalimala abanye abathathu ngesikhathi ushayasibhmu evulela ngenhlamvu esikoleni samabanga aphakene eWashington.

UBrian Schaeffer wabezicimamlilo utshele izintatheli ukuthi kushone umuntu oyedwa esigamekweni sokudubula esenzeke ngoLwesithathu ekuseni eFreeman High School eRockford, eningizimu yeSpokane.

Abanye abathathu baphuthunyise esibhedlela.

OLUNYE UDABA: Uphinde washona otholakale ephila emakhazeni

Okhulumela amaphoyisa u-Ozzie Knezovich endaweni yesigameko uthe umsolwa uboshiwe kanti usagcinwe esitokisini.

Izikhulu azizange zenabe ngemininingwane ngesimo abakusona abalimele.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...