Kushone oyedwa kugingqika imoto 'yamasela'

2017-12-17 22:10

Beaufort West – Kushone umuntu oyedwa ngemuva kokuthi imoto okusolakala ukuthi ibithwele i-copper eyebiwe ivelelwe yingozi eKaroo, kusho okhulumela ezemigwaqo eWestern Cape uKenny Africa ngeSonto.

Le ndoda ishonele endleleni eya esibhedlela ngemuva kwale ngozi eyenzeke ezintatha ngeSonto. Amanye amadoda amathathu kuthiwa abonakale ebaleka endaweni yesigameko, kusho u-Africa.

"Kutholakale indathane yamakhebuli ngaphakathi kule moto.”

OLUNYE UDABA: Kushone ungqongqoshe engozini yemoto

Le ngozi yenzeke kuthelawayeka uN1 phakathi kweBeaufort West neLeeu Gamka ngaphambi kwehora lesihlanu ekuseni, ngesikhathi umshayeli ehluleka ukulawula imoto yase iyagingqika.

“Imoto igingqikile yase iyaphaphalaza iyaphuma emgwaqeni yayophonseka eceleni komgwaqo.”

U-Africa uthe amaphoyisa asebenzisa i-number plate yale moto ukuthola la bantu okusolakala ukuthi bangamasela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...