Kushone oyedwa engozini yemoto ePMB

2017-04-02 14:47

Durban - Kushone oyedwa kwalimala abantu abathathu ngesikhathi kushayisana izimoto ekhoneni likaLongmarket noWest ngezintatha zangeSonto.

Abezimo eziphuthumayo babizelwe endaweni yesigameko ngo-1 ekuseni bathola owesilisa oyedwa obevaleleke emotweni eseshonile.

Akukho obekungenziwa uhlenga impilo yakhe ngoba ubeseshonile.

OLUNYE UDABA:Kudaleke ingozi owesilisa ebamba umshayeli wetekisi ngobhongwane

Kule enye imoto, kutholakale abantu abathathu belimele kabi. Bahlengelwe endaweni yesugameko ngaphambi kokuphuthunyiswa ezahlukeni.

Abantu abazibonele ngawabo bathi umshayeli wemoto eyodwa ubalekile ngemuva kwengozi. Akukacaci kahle ukuthi kwenzakaleni kodwa amaphoyisa abekhona.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

#ANC54 Sihamba noRamaphosa – Lamola

Emizuzwini eyi-59 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...