Kushone owesimame oyedwa engozini eyenzeke eThekwini

2018-03-17 11:35

Durban - Kushone oyedwa kwalimala omunye ngesikhathi kushayisana izimoto ku-M4 ngaseQuality Street eThekwini ngoLwesihlanu ebusuku.

AbeRescue Care bafike endaweni yesigameko ngo-20h30 bathola ukuthi kushayisane izimoto.

"Imoto eyodwa nokuyiveni ishayisane nenye yase iyoshayisa ezinzimbi eceleni komgwaqo yaze yama engwaqeni uLandsdowne Road,"kusho uGarrith Jamieso ngoMgqibelo.

Leli veli belilimele kabi kanti abezimo eziphuthumayo bathole obehleli eceleni esavaleleke phakathi.

OLUNYE UDABA:Abosizo lokuqala bazobe besiqaphile isimo kula makhaza eGauteng

Abezimo eziphuthumayo bazamile ukusiza lo wesimame oseminyakeni yo-40 ubudala bathola ukuthi useshonile.

Kusize abezicishamlilo abafika nodlawu olukhulu lokulula izimoto ukuze kukhishwe lo wesimame obevalelekile.

Imbangela yale ngozi ibingakaqondakali kahle kodwa uphenyo luyaqhubeka.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...