Kushone owesimame kwalimala kabi owesilisa engozini

2017-05-10 11:01

Benoni - Kushone owesimame kwalimala kabi owesilisa engozini eyenzeke ngezintatha zangoLwesithathu.

Le ngozi yenzeke emgwaqeni u-Atlas eFarrarmere ngabo-03:00 ekuseni., kubika i-ANA.

Okhulumela abe-ER24 uWerner Vermaak uthi abasizo lokuqala babizelwe kule ndawo ezintatha lapho bathole khona owesilisa evaleleke emotweni.

OLUNYE UDABA:Ingozi yemoto ishiye kuvalwe ngehlahla emndenini e-KZN

“Kutholakale owesilisa okukholakala ukuthi useminyakeni eko-20 ubudala evaleleke emotweni. Kusize izicishamlilo ezifike zalula imoto ukuze akhishwe.

“Lo mlisa ulashelwe kule ndawo ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela i-OR Tambo Memorial,” kusho uVermaak.

Uqhubeke wathi kutholakale nowesimame okukholakala ukuthi useminyakeni eko-20 ubudala buqamama nemoto.

“Ngeshwa owesimame otholakale eduze kwemoto ubelimele kakhulu futhi ubeseshonile ngesikhathi kufika abosizo lokuqala,” kuphetha yena.

Amaphoyisa asaphenya ngembangela yale ngozi.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Drizzle. Morning clouds. Cool. Pta: 12-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C High level clouds. Mild. Bloem: 13-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-24°C High level clouds. Mild. PE: 13-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...