Kushone owesimame kwalimala ababili ngemuva kokushayiswa yiloli

2017-06-14 18:01

Three Rivers - Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola iloli lipake eduze komgwaqo kunabesimame abathathu belele eceleni kwalo.

Kube sekutholakala ukuthi kushone owesimame kwalimala ababili ngesikhathi iloli lishayisa obehamba ngebhayisikili nababili abebehamba ngezinyawo ekhoneni likaBlackwood noRing Road eThree Rivers, e Vereeniging.

URussel Meiring okhulumela abe-ER24 uthe: “Lokhu kwenzeke ngoLwesithathu ekuseni ngo-08:25. Abezimo eziphuthumayo bafike kule ndawo bathola abesimame belele eduze komgwaqo buqamama neloli elikhulu.

OLUNYE UDABA:Kushone umshayeli iloli ishayisa yase igqamuka umlilo

“Ngesikhathi kuhlolwa laba besimame, kutholakale ukuthi oyedwa oseminyakeni eko-40 ubudala usehonile," esho.

Laba ababili abaseminyakeni ephakathi kuka-30 no-50 ubudala bona balimele yize bengalimele kakhulu. Balashelwe khona lapho ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela, kubika i-The Citizen.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...