Kushone owesilisa ophonseke ethangini elino-inki obilayo

2017-12-07 18:00

Sydney – Owesilisa okusolakala ukuthi useminyakeni eko-30 ubudala ushonile kwathi ozakwabo ababili asebenza nabo efemini balimala ngesikhathi bobathathu bewela ethangini elino-inki obilayo entshonalanga yeSydney.

Ngokombiko weDaily Mail, la madoda avaleleke kule nguzunga yethangi ngabo-09:00 ngoLwesine ekuseni.

Yize abanye abasebenzi behlengiwe, indoda yesithathu yona ishonele endaweni yesigameo, ngokusho kombiko weSydney Morning Herald, kanti kuze kwashaya izikhathi zasemini isidumbu sayo sisavaleleke kuleli thangi.

"Sizame konke ukumhlenga; kube yishwa nje leli," kusho isikhulu sama-ambulensi ase-NSW uPaul Turner.

"Ngokuqonda kwami, la basebenzi bebengaphakathi kuleli thangi belihlanza ngesikhathi bevaleleka ngaphakathi bengasakwazi ukuphuma," kusho uTurner etshela iFairfax Media.

UTurner uthe "u-inki ojiyile" osesinqeni saleli thangi yiwo owenza kube nzima ukutakula umufi.

Buka nansi i-video ngezansi:


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...