Kushone owesilisa ngenxa yomlilo

2017-09-14 09:37

Mbombela – Kushone umuntu oyedwa kwalimala impahla eningi ngesikhathi kusha eMbombela ngoLwesithathu ntambama, kusho abezicmamlilo.

Owesilisa ubulawe ukuhilwa yintuthu eBarberton, kusho abezicimamlilo baseMbombela betshela iNews24. Isisulu sitholakale sishonile endlini.

Abezicimamlilo bathi okwamanje ngeke bakwazi ukwenaba ngemininingwane.

OLUNYE UDABA: Itholakale isishonile ingane yesikole e-E Cape

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uLeonard Hlathi akakwazanga ukuqinisekisa ngokufa kowesilisa.

Umlilo uqubuke endaweni yaseMbombela ngoLwesithathu ekuseni, kodwa ebusuku besebekwazile ukuwulawula abezicimamlilo.

Abezicimamlilo bathi izindawo ezikhahlamezeke kakhulu iseWhite River, Mbombela naseBarberton.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...