Kushone owesilisa, kwalimala omunye kugingqika iloli

2017-11-11 08:00

Johannesburg – Owesilisa, okukholakala ukuthi uneminyaka eko-20 ubudala, ushonile, omunye walimala ngoLwesihlanu ekuseni engozini yeloli.

Kubikwa ukuthi iloli ligingqike emgwaqeni omkhulu u-N1, ngaphandle kwaseBloemfontein.

Okhulumela i-ER24 uRussel Meiring uthe abosizo lokuqala bathole iloli libheke phezulu eceleni komgwaqo ngesikhathi befika kweyesigameko.

“Isidumbu sowesilisa sitholakale phakathi emotweni kanti owesilisa wesibili yena utholakale buqamama neloli.”

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe uhambele imindeni yezingane ezabulwa yisigxobo sikagesi

UMeiring uthe abosizo lokuqala bahlole iloli bathola ukuthi benowesilisa obevaleleke elolini, elimele.

“Ngeshwa, akukho obekusangenziwa ngaye, kwaqinisekiswa ukuthi useshonile khona lapho.”

Osindile uphuthunyiswe ePelonomi Hospital ngemuva kokuthola usizo lokuqala.

Iziphathimandla ziyaphenya ngembangela yengozi.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...