Kushone owesilisa kugingqika imoto yakhe emjwahweni

2017-04-29 12:02

Welkom- Umshayeli wezimoto zomjaho oneminyaka engu-47 ubudala ushonile ngemuva kokuba imoto yakhe ibandakanyeke engozini emjahweni obusePhakisa Freeway motor racing circuit eWelkom ngoLwesihlanu ebusuku, kusho abosizo lokuqala ngoMgqibelo.

Okhulumela i-ER24 uWerner Vermaak uthe abosizo lokuqala bebekhona kulo mcimbi kanti bahlinzeke ngosizo lwabo ngesikhathi imoto yomshayeli ishayisana nenye imoto yabe isiphenduka izikhawu eziningi.

OlUNYE UDABA: Isesimeni esibucayi ingane etholwe igwiliza e-swimming pool yakubo

UVermaak uthe umshayeli ubesesimeni esibucayi, waphinde wathi kudingeke isisulu sikhishwe emotweni yaso ebifahlakile.

"Esekhishiwe emotweni, abosizo lokuqala baqhubekile nokumelapha, bamfaka nemishini yokumphefumulisa. Ubelimele ekhanda, futhi ephukile,” kusho uVermaak.

Uphuthunyiswe eMediclinic eWelkom, kodwa washona ngokuhamba kwesikhathi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...