Kushone owesilisa kubangwa inqola yokuthenga

2017-12-06 19:33

Cape Town – Kushone owesilisa oyedwa ngesikhathi kubangwa inqola yokuqhuba izimpahla esitolo, eLavender Hill.

NgoMsombuluko, amaphoyisa afike kuTrevor Siljeur Street, eVrygrond, athola isidumbu sowesilisa oneminyaka engu-47 ubudala.

Amaphoyisa athi owesilisa ubelimele ekhanda ngemuva kokulwa nezakhamuzi ezimbili kubangwa inqola efaka izimpahla esitolo.

OLUNYE UDABA: Kumiswe ukusebenza kwamatekisi eLadysmith

Amaphoyisa abophe abasolwa ababili, oneminyaka 53 ubudala kanye nendodana naye eneminyaka engu-33 ubudala, okulindeleke bavele enkantolo ngecala lokubulala kungekudala.

Okhulumela amaphoyisa, uCaptain FC van Wyk, uthi: “Kuthiwa kubenengxabano phakathi komufi nezakhamuzi ezimbili kuTrevor Siljeur Road kubangwa inqola.

“Kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eMuizenberg.”

- Daily Voice

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 18-25°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-22°C Numerous showers. Cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-28°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 18-22°C a few showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...