Kushone owesilisa isithuthuthu sishayisa inkomo

2017-08-22 11:02

Pietermaritzburg – Kushone umuntu oyedwa, kwalimala omunye, ngemuva kokuba isithuthuthu sishayise inkomo eTable Mountain, eMgungundlovu, ngoMsombuluko ebusuku, kusho abosizo lokuqala.

Okhulumela i-ER24 u-Ineke van Huyssteen uthe abosizo lokuqala bafike endaweni yesigameko ngabo-18:30, bathola abesilisa ababili bedindilize phakathi komgwaqo.

UHuyssteen uthe oyedwa wabo ubesesimweni esibucayi, kanti nakuba yenziwe imizamo yokusindisa impilo yakhe, ugcine eshonele khona endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA: BUKA: Kugwazwe kwabulawa umfundi kuliwa esikoleni

Owesilisa wesibili yena uthole imihuzuko, wabe esephuthunyiswa esibhedlela iNorthdale.

UHuyssteen uthi inkomo ayilimalanga futhi ibonakele izihambela iyongena ehlathini eliseduzane.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...